Ukuthanda ongakuthandi
Ukungathandwa omthandayo
Bese ungamthandi okuthandayo
Okuthandayo abone akathandwa
Kuqhutshwa iskhathi naye
Kuqhutshwa iskhathi ngaye
Kulindwe ongakathandi
Kulindwe ongathandi
Kulindwe ongeke athande
Ulindiwe nje naye ulindisiwe
Ulindisiwe naye akathandwa
Kuqhutshwa iskhathi naye
Kuqhutshwa iskhathi ngaye
Kulindwe ongakathandi
Kulindwe ongathandi
Kulindwe ongeke athande
Nhliziyo yami, xola
Uyathandwa noma ungathandwa
Awuthandwa noma uthandwa
Okuthandayo awumthandi
Omthandayo akukuthandi
Omthandayo akathandwa amthandayo
Ongamthandi unaye omthandayo
Into nje, aluqondani
Into nje, aluqondakali
Mhlawumbe ukube luyaqondana
Mhlawumbe ukube luyaqondakala
Ngabe luyabona kodwa aluboni.