Ulibambe Lingashoni by Zandile Dumakude

Zandile Dumakude | February 25th, 2016 | a poem a day challenge, poetry | No Comments

Poet Bio

Ukube nginguwe ngabe angisabonwa.
Ukube nginguwe ngabe sengishaye utshani,
Ngoba into yokuzinz’awusenayo.
Ulibambe lingashoni.
Udlalile ngathi, wasenza izimpumputhe senzeka,
Wasenza izithipha zoqobo.
Pho usalindeni? Hamba!
Kubobonke akekh ‘oshokahle ngawe,
Bonke bakhuluma kugobhoze enzingenam’khawulo.
Ulibambe lingashoni.

Usephucile izintandokazi zethu.
Zasala zincela izithupha izintandane,
Awangeneliseka,usubuyela kuzo futhi?
Hha! Kanti wena waneliswa okungaki?
Ubonga uma sekwenzenjani?
Awusho,ubenzen-ini udadewethu?
Yena umfowethu ubenze-ini?
Wathula nje,abazali bami bona babenzeni?
Ulibambe lingashoni.

Kufa ng’yakwesaba, ng’yakoyika.
Angisoze ngakuxolela,
Baseng’eng’yimithiyo uma bethi unguKufa.
Phela wena uphila ngegazi, nezinyembezi zabantu.
Futhi aweneliseki, uhlala ulangazile.
Kodwa uze ulimbe lingashoni.
Okwenzeka kubantu nakuwe kuyeza.
Ungaze uziqhayise, uzigqaje ngokwenza kubantu,
Langa limbe, mhla sakunqoba.
Kubantu bonkana akekho osenochungo lwakho,
Slwane ndini.

Mihla namalanga s’yangcwaba,
Kodwa wena ukushay’indiva lokho,
Kunalokho uthi “azilime ziyetsheni”
Awunazwelo kufa ndini, kanti lukuphi udonsi lwakho?
Angifisi nokwazi isibongwana sakho,
Nsuku zonke imicamelo igobhoza izinyembezi.
Ulibambe lingashoni.

About the poem


I’m the last born. I lost three (3) brothers when I was unborn, when I was 8 months I lost my father, on the 05 January I also lost my older sister. My heart is broken, that is why I decided to write this poem, maybe I’ll feel better. This poem is about the death of the people who I love.

Click to rate this post!
[Total: 16 Average: 4.6]
(Visited 1,807 times, 1 visits today)