Ukube nginguwe ngabe angisabonwa.
Ukube nginguwe ngabe sengishaye utshani,
Ngoba into yokuzinz’awusenayo.
Ulibambe lingashoni.
Udlalile ngathi, wasenza izimpumputhe senzeka,
Wasenza izithipha zoqobo.
Pho usalindeni? Hamba!
Kubobonke akekh ‘oshokahle ngawe,
Bonke bakhuluma kugobhoze enzingenam’khawulo.
Ulibambe lingashoni.
Usephucile izintandokazi zethu.
Zasala zincela izithupha izintandane,
Awangeneliseka,usubuyela kuzo futhi?
Hha! Kanti wena waneliswa okungaki?
Ubonga uma sekwenzenjani?
Awusho,ubenzen-ini udadewethu?
Yena umfowethu ubenze-ini?
Wathula nje,abazali bami bona babenzeni?
Ulibambe lingashoni.
Kufa ng’yakwesaba, ng’yakoyika.
Angisoze ngakuxolela,
Baseng’eng’yimithiyo uma bethi unguKufa.
Phela wena uphila ngegazi, nezinyembezi zabantu.
Futhi aweneliseki, uhlala ulangazile.
Kodwa uze ulimbe lingashoni.
Okwenzeka kubantu nakuwe kuyeza.
Ungaze uziqhayise, uzigqaje ngokwenza kubantu,
Langa limbe, mhla sakunqoba.
Kubantu bonkana akekho osenochungo lwakho,
Slwane ndini.
Mihla namalanga s’yangcwaba,
Kodwa wena ukushay’indiva lokho,
Kunalokho uthi “azilime ziyetsheni”
Awunazwelo kufa ndini, kanti lukuphi udonsi lwakho?
Angifisi nokwazi isibongwana sakho,
Nsuku zonke imicamelo igobhoza izinyembezi.
Ulibambe lingashoni.